Ayikho ingxenye yalombhalo engaphinde ikhiqizwe noma idluliswe ngenye indlela noma uhlobo ngaphandle kokuthola imvume efanele ngokubhaliwe.
Umthetho ophathelene nobufakazi yisikhali esibaluleke kakhulu kunoma ngubani ofisa ukuba yisazi somthetho nokusebenza ngawo. Ngenhloso yokusebenzisa lesi sikhali ngendlela efanele negculisayo, kusemqoka ukuba umuntu abe nolwazi lwamagama athile aqavile nasetshenziswa njalo ngababhali bezincwadi ezihlukene zoMthetho woBufakazi.
Inhloso yalesi saziso wukulungisela nokufundisa abantu ukuqagula nokwejwayela lamagama aqavile asetshenziswa kuMthetho woBufakazi nokubahlinzeka ngolwazi oluncane olubasiza ekulandeleni izinto ezithinta Umthetho woBufakazi.
Ubufakazi buxube ulwazi olubekwa phambi kwezithebe zenkantolo ngenhloso yokuba inkantolo ikwazi ukuthatha isinqumo ngamaqiniso odaba.
Ubufakazi obuphathekayo buqonde lonke ulwazi nezinto ezingasetshenziswa njengobufakazi enkantolo.
Umthetho woBufakazi uqondene nokuveza amaqiniso nokulawula ngendlela eveza amaqiniso anesiqiniseko. Amaqiniso angavezwa ngokusebenzisa izinhlobo ezihlukene zemithombo noma izinto eziphathekayo.
Umdwebo olandelayo uveza ngokucacile izinhlobo ezihlukene zemikhakha yomthetho; ukhombisa ukuthi Umthetho woBufakazi ungena kumuphi umkhakha, incazelo yoMthetho woBufakazi nenkomba yokuthi yini ubufakazi obuphathekayo futhi yini obuyiqukethe.
Impikiswano ethulwa wumbuso kanye nethimba elizivikelayo ayibona ubufakazi kodwa iwusizo olukhuthaza isinqumo. Le mpikiswano ibunjwe yimibono noma yiziphakamiso eziqonde ukugcizelela isimo somthetho noma amaqiniso esimo futhi isetshenziselwa ukujika umqondo wenkantolo ngesikhathi ikhipha isinqumo.
Ngaphambi kokukhishwa kwesinqumo, amathimba athola ithuba lokwethula impikiswano yokuvala eqondene nobufakazi obethulwe ecaleni eliqulwayo.
Amaqiniso odaba yilawo ethulwa yithimba ngenhloso yokufakazela ukuze aphumelele ecaleni.
Ngamaqiniso avame ukuletha ubufakazi noma ukuphikisana nabo.
Isibonelo: Ecaleni elithinta ubuzali, isiqu sikababa siyoba yindaba edingidwayo nokuya ocansini nobaba kuyoba yiphuzu eliqondene nodaba lobuzali.
Ubufakazi obuqanda ikhanda buchaza ubufakazi obunamandla noma obungcono kunobunye obukhona.
Ubufakazi besibili buchaza obunye ubufakazi obukhona noma obungavela.
Isibonelo: Idokodo langempela lithathwa njengobufakazi obuqanda ikhanda kodwa amakhophi ombhalo athathwa njengobufakazi obulandelayo.
Igama lesilathini elithi "prima facie" elihunyushwa ngokuthi "ubufakazi obubonakala busobala". Lesi sisho somthetho sichaza ukuthi ubufakazi obethulwe phambi kwenkantolo benele ukwakhela ubuqiniso noma icala ngaphandle uma kunofakazi obuphikisayo.
Uma bungekho ubufakazi obuphikisayo, ubufakazi obubonakala obala buyothathwa njengobufakazi obuphelele.
Ubufakazi obungujuqu buchaza ubufakazi obuphelele nobungephikiswa lutho.
Isibonelo: Ecaleni lokubulala, kungavezwa ubufakazi bokuthi u-A wayenesizathu sokubulala u-B futhi wabonakala egijima ephuma emzini kaB nomese ovuza igazi.
u-X ufakaza ngokuthi wezwa ingilazi iphuka wase ephenduka ebona u-Y emi phambi kwegilasi likaZ eliphukile, nalapho uY wayephethe khona itshe ngesandla.
Ubufakazi obuqondile yilobo lapho ufakazi ebone khona isenzo.
Isibonelo: Ecaleni lokubulala, u-C ufakaza ukuthi wayemile ngaphandle kwefasitela lomuzi kaB ngesikhathi ebona u-A egwaza u-B.
Ukwemukelwa kuchaza ubufakazi obemukelwayo kanti asikho isilinganiso sokukala izinga lokwemukeleka kobufakazi. Kukabili, ubufakazi buyemukelwa noma buchithwe. Isinqumo sokuthi ubufakazi bemukelwe noma buchithwe sincike ephuzwini lemfanelo yabo nokuthi ukwemukela lobo bufakazi ngeke kubeke engcupheni lowo obekwe icala.
Kuchaza ukwemukela ubufakazi okwesikhashana ngaphansi kwesimo esiyogculiswa ekupheleni kwecala. Uma simo sigculiswa, ubufakazi bubekwa eceleni.
Inkantolo yathatha isinqumo sokuthi umqulu usetshenziswe ekuphonseni imibuzo umsolwa nakuba ubuqiniso bomqulu babuphikiswa yithimba elizivikelayo. Kuyothi ngemuva kokuphothulwa kwecala bese umsolwa ethola ithuba lokwethula ubufakazi ngobuqiniso bomqulu. Uma bungekho ubufakazi obuchitha ubuqiniso bomqulu, noma yibuphi obunye ubufakazi obuqhamuke ngemuva kokuphonswa imibuzo buyobekwa eceleni yinkantolo.
Ngenhloso yokuthatha isinqumo ngobufakazi obufanele, inkantolo iyocubungula ukuthi ubufakazi obethuliwe buyathintana namaqiniso odaba.
Igunya yilungelo noma yisibophezelo esifunwa ngufakazi noma ithimba lapho engagodlela khona inkantolo ubufakazi. Zimbili izinhlobo zamagunya. Igunya lomuntu ngokwakhe kanye neGunya lombuso.
Ukuzivumela ngokusobala yilokho okwenziwa enkantolo okuveza ubufakazi obungujuqu nobungadidwe noma buhoxiswe ngaphandle uma izidingo ezithile zomthetho sezifeziwe.
Ukuvuma ngendlela engaqondile yilokho okwenziwa ngaphandle kwenkantolo okudinga incazelo noma kushayisane.
Ukuhlanza iqiniso yisenzo lapho umsolwa ezivumela yena ngendlela ephelele nengenazo izihibe okungathi uma ekwenza phambi kwenkantolo kuthathwe njengokuvuma icala.
Isaziso senkantolo sichaza uma inkantolo yemukela amaqiniso aziwayo nolwazi oluthathwa njengento eqondwayo kodwa engazange itholelwe ubuqiniso ngesikhathi sokuphonsa imibuzo.
Umthwalo wobufakazi uqonde umsebenzi noma isibophezelo sethimba lapho kufanele liveze khona ubufakazi obungananazi . umthwalo wokwenza njalo emthethweni wamacala ulele kulowo oshushisayo.
Umthwalo wento ephathekayo uqondene nomsebenzi noma isibophezelo sokukhiqiza ubufakazi obenele bokwenza inkantolo ibize umsolwa ukuba azophendule ngesinsolo nokuba athole ubufakazi obenele bokuphonsa inselelo lobo bufakazi obubonakala busobala, obethulwe yithimba elivule icala.
